Tee imbongi

This page is about my poems and how life goes story of our life when i say story of our life it because u are a part of me .....this Tee imbongi

06/05/2022

Lobuhlungu obushaya buphindelela ....

Ithemba kalibulali cha kumina ezami ifiso seziqalile ziyalibulala ikati owami umkhuleko awuphenduluke impilo ngifanisa nezinye zezilingo engaba kuzona nami ke benginazo ezami fiso ....

Kona ubuhlungu enginabo ukubona laba engiba khathalelayo nengibakhalelayo mabesosizini yibona abangicekela phansi yibona ababona impumelelo yami njengokwehluleka kokuphumelela kwamaphupho wabo engani elomhlathi balikhiphe ngenhloso zokuthi yona impumelelo iqelelene nami bebesho befunga bethi lutho Lona uyisehluleki yikona okuhle ake wakwenza ngoba okuhle yikhona okuphahla inzondo namagqubu nokufisa inzondo nokubi empilweni zabanye kodwake lona u Tee imbongi 🥀 for more poems like and follow the page from there naku ama number akhona get my video poems .......

Tee imbongi 🥀

07/04/2022

Okuza ngemuva kuyingozi kakhulu kuna lokhu okuza ngaphambili. ..

Iqiniso lisekuthenini emhlabeni weza wedwa uzohamba wedwa ngisho angawumndeni wakho lokho akucazi ukuthi ukufisela okuhle ngisho engazwelana nawe mawusosizini kodwa okusenhlizweni yakhe awukwazi sengisho imncabango yakhe soze wayazi. ...

Engani lona ocabanga ukuthi ngeke akuzwisa ubuhlungu uyena okushaya ngemfu ephinda phindiwe uyena oyenza ngakho konke okusemandleni ukuthi awuphumeleli .....

Lona omthembe kunabo bonke uyena isithasakho lona omncabangela okuhle yena ukucabangela okubi .....

Tee imbongi 🥀 .......

20/03/2022

Injabulo engasoze yaphela isifiso sami kuthi nalapho umhlaba ungijikela khona ngibe nokuthula ngibe nokukwamukela ngikwazi uku*ithoba nalapho ngizwa khona ubuhlungu ngibe nenjabulo evela ezulwini ngibe nenjabulo engasoze yaqedwa umuntu

Kunina injabulo ukuthola uthando nithole imali eningi nicebe kumina injabulo ukuba nokuthula nokuthula ngaso sonke iskhathi intukuthelo kungabi yinto esondelene nani mina bengifisa ukujabula ngaso sonke iskhathi noma nginomncebo noma ngenalutho injabulo injabulo heyiii🤣🤣🤣🤣

Tee imbongi 🥀

20/03/2022

Injabulo engasoze yaphela isifiso sami kuthi nalapho umhlaba ungijikela khona ngibe nokuthula ngibe nokukwamukela ngikwazi uku*ithoba nalapho ngizwa khona ubuhlungu ngibe nenjabulo evela ezulwini ngibe nenjabulo engasoze yaqedwa umuntu

Kunina injabulo ukuthola uthando nithole imali eningi nicebe kumina injabulo ukuba nokuthula ngaphakathi kumina ngaso sonke iskhathi intukuthelo kungabi yinto esondelene nami bengifisa ukujabula ngaso sonke iskhathi noma nginemali noma ngenalutho injabulo injabulo heyiii🤣🤣🤣🤣

Tee imbongi 🥀

19/03/2022

Ukuphuma Kwelanga sekuyikhona isbusiso

Sbonga ukuvuka sibonga ukubona olunye usuku saphila sbonga ukuthandwa esandleni somusa

Lona kube umthandazo engiwuzwe ngidlula siguqengedolo isalikwazi sigebise ikhanda engani besicelela wonke umuntu wasemhlabeni okuhle besicela okuhle kumndali

Baba mina sengamukela ukuthi ubunzima badalelwa mina bengicela bugcine Kimi ngikhulekela labazukulu bami baba bengicela ubaphe ukuhlakanipha noku*ithoba hlezi nempilo nayo izobahlonipha ibakhombe indlela ekahle yokuphila .....kwehle inyembezi kuntombi endala kwaphela amagama kwahamba izwi wase bheka phezulu wavula mehlo zahla kakhulu inyembezi

Tee imbongi 🥀

12/03/2022

Ngyabhala by 10 plz cela nifunde this one is person nali ...... 😔Izibopho 😔

12/03/2022

Ngyabhala ngo 10 plz cela nifunde this one is personal ...... 😔Iziboshwa zothando 😔

03/03/2022

The end

Lapha kulapho khona kuphela khona ithembiso nama phupho ethu ...
Lobuhle buyaphela kuvela ububi obuletha ukuphela ..
Lezifiso namanje zidliwa yilo ikati ...

Okungapheli kuyahlola namhlanje kuphelile ..
Ithandani seziphenduke izitha
Kubuya zonke izithembiso manje imicabango yezinto ebesizenza ndawonye yiwona eletha izinyembezi yeletha inkumbulo ehlangene noku*isola omunye nomunye usecabanga ukuthi ubeyuthola injabulo kodwa manje sekuphelile ....

Tee imbongi 🥀 The end

03/03/2022

Lolu thando selusele ngakimi kuyena kade lwaphela ...
Enhlizweni yakhe sengafa mina eyami nhliziyo ihlezi khala ngaye

Yebo kona ngyafuna ukuqubeka ngempilo kodwa eyaminhliziyo ayikhoni ukuqubeka nomunye umuntu ifuna yena lona owayishiya ngaphandle kwesizathu ...
Eyami nhliziyo ithiyona incamela ukuhlukunyezwa uyena kunokuthi yethande omunye umuntu ..
Kwala noma sengincenga ngithi bheka usequbekile ngempilo nathi bengicela siqubeka kodwa yalile ithi kimi yona kayiyi ndawo soze yalibala ngaye yathi kunokuthi yona iqubeke kuncono iyakukhetha ukuthula ngithengincenga ngithi makungathula wena nami ngase ngithule yathi kumina kuhle mawubona ukuthi mina ngakhelekile kuyena ...

Tee imbongi 🥀

19/02/2022

Cela uhlale thembeni

Sonke kulomhlaba sadalelwa ukuphumelela thina nje nje uma sikholelwa ekuthenini sonke isimo esbhekene naso soshintsha .....

Okuseqinsweni yikho ukuthi impilo inekhathi eziningi ezibuhlundlu futhi ezinzima kodwa makufika iskhathi sempumelelo sithatha iskhathi eside yize noma ungena lutho ungafundanga kodea impumelelo yadalelwa thina sonke emhlabeni cela ungalahli themba kuzolunga .....

Kunjena njena kubane impumelelo yayi ngadalelwe wena wawungeke uzalwe nokuzalwa .....bengicel uluyibamba lana lena ngizoyiqubeka kodwa .......

Tee imbongi 🥀

14/02/2022

Ukuthanda nalapho wena obonakhona ukuthi alusekho uthando akuyona inkinga course kucaza kabanzi ngawe kucaza ukuthi umuntu onothando nolwela uthando ningakhohlwa uthando kuyintando kamdali ...... happy valentine's Day to each and everyone ❤️ 🤗

11/02/2022

😭 Inyembezi zami 😭

Mntanami yazi ukuthi uyisbusiso kumina kanti futhi ngohlezi ngikuthanda ungakhohlwa ukuhlonipha umhlaba uyihloniphe nawe ngane yami ukubekezela ikona ekuzokulethela impumelelo uvume nalapho ungonanga khona kuze uzonqoba .....wadonsa umoya kabili kathathu owami umama zehla inyembezi wangiqinisa isandla ..

Kodwa mama bengeke ngithole elinye ithuba lokuba nawe ngaphambu kokuba ungishiya bengicela ungithethise okokogcina cela ungiyale okokugcina ....
Mama mana ungawavali amehlo ngicela uvuke uyenami edolobheni okokugcina bengicela ukukumona umamatheka okokogcina mama cela ungitshele ukuthi ngoba uhamba ngoba yini kulomhlaba ngoba nawo lomndeni ungithanda makhona wena ubungeke ubone ngiphumelela mese uyahamba mina ngifuna iziqenye ngami u*i eyami Lena ingane bengeke ngisakubhalela eyokubonga inkondlo ....

Inyembezi zehla kwaphuma nomphefumulo kowami umama wahambela ezandleni zami owami umama kumanje amagama ayephela usizi lu*ipha mandla sengiyintandane sihambile isthandwa Sami umngani umuntu owayethi thula kuzolunga .......
Kuncono lenga ngiphelelise lana

Tee imbongi 🥀
Inyembezi
This one is dedicated to someone who told me i story sakhe wathi cela ngimbhalele inkondlo Dudu kuzolunga mngani....

11/02/2022

Iphuthalami ukuthandawena

Iphutha lami laba sekuthandeni wena ngithembe wena ngibeke impilo yami yonke kuwe..
Kungakho ukwazi ukungizwisa ubuhlungu phekobuhlungu ..
Mina icala laba sekuthenini ngikhulule inhliziyo yami ukuthi kube iyona ezungeza uthando lwethu yingakho ubona ngiyislima phambukwakho ..
Iphuthalami uku*ithoba ngikuhloniphe yingakho ungizwisa ubuhlungu ngalendlela ....

Cha okuseqinisweni ukuthi ngifuna ukwazi ukuthi ungizwisa ubuhlungu ngoba wazi ukuthi ngeke ngikushiye ???
Noma ungizwisa ubuhlungu ngoba nakhu nakhu uzama ukupholisa inhliziyo yakho eyake yaphuka ngaphambilini yingakho ungizwisa ubuhlungu ??
Cha mana cthandwa Sami noma ubukhipha iva ngelinye iva uthando kuwena alukaze lakhona ....
Okanye wathandana nami ngoba nakhu khona ofuna ukumjabulisa ?????
Oooh okungenzeka usuthole uthando olusha olwenza ungizwise ubuhlungu ngendlela ongizwisa ngayo ....
Yimake noma ufuna indlela yokungikhipha kweyakho impilo kodwa ubungeke ungale kunoku ngizwisa ubuhlungu lobu obudla mina uqobo ............

Tee imbongi 🥀
Iphuthalami ukuthandawena

07/02/2022

Amagama wami wokugcina

Lenake inkondlo yami yokugcina ezodlalwa enkonzweni yami yokugcina ....
Lenke inkondlo iqukethe amazwi wami wokugcina ....

Ipeni nephepha yikhona ebekuyikhono kumina nize ningisize ningangenzi umuntu oncono nikhulume iqiniso ngami
Bengicela bonke ababe sondelene nami betholo ithuba lokuthi nabo befakaze ngami....
Bengicela ningangithandi ngoba nakhu sekobandayo ....

Zithandwa zami ningakhali bengicela ningidedele ngihambe okomhlaba ngikuqedile mina esami skhathi sifikile ...ngaphambu kokuthi ngikhohlwe bengicela ningasoli muntu ngokunishiya kwami esami skhathi yisona lesi ......bengicela eyami nkonzo ingaphathwa abafundisi yekelani imbongi nabangani kube ibona abangikhiphayo enkonzweni yami yokugcina .............

🌅Amagama wami wokugcina 🌅
Tee imbongi 🥀

01/02/2022

Lena ke inkondlo yami ngiyihaya ..... Ethi Khandlela lami akhanye ...

01/02/2022

Indlela eya kwampumelelo

Bengicela ningisize ngilahlekile
ngyacela ningikhombe indlela eya empumelelweni nami ngifuna ukuyakhona nami ngifuna ukuphumelela ......

Ngizwa izwi lika Gogo uthi ugogo indlela eya kwampumelelo iyona lena okuyo mzukulu awuboni yini ubumnyama empilweni yakho awuboni yini ukuthi nobathandayo baphenduka izitha kuwene ngoba bebona impumelelo kuwena
Awuboni ukuthi nhliziyo zababethi ngeke uphumelele zidumele ngoba ziyibona eyakho impumelelo

Engani wena usubona kuphelile ngeyakho impilo kanti chaa kuma iqala wena usuze walahla ithemba kanti kuma ubusiswa nge mpumelelo .... .

Tee imbongi 🥀

01/02/2022

Indlela eya kwampumelelo

Bengicela uncedo ngilahlekile
ngyacela ninkhombe indlela eya empumelelweni nami ngifuna ukuphumelela ......

Ngizwa izwi lika Gogo uthi ugogo indlela eya kwampumelelo iyona lena okuyo mzukulu awuboni yini ubumnyama empilweni yakho awuboni yini ukuthi nobathandayo baphenduka izitha kuwene ngoba bebona impumelelo kuwena

Engani wena usubona kuphelile ngeyakho impilo kanti chaa kuma iqala wena usuze walahla ithemba kanti kuma ubusiswa nge mpumelelo .... .

Tee imbongi 🥀

31/01/2022

😭 Qubekani Ningisole 😭

Okusemqondweni wenu ukuphikisa kodwa ukuzama Kon akukaze kwaba icala njengoba ningibeka mabala ....

Mina eyam impilo aniyazi ...
Mina izimo engidlule kuzo anizazi...
Mina ikhaya engiphuma kulo anilazi ....
Mina usizi lwami anilwazi ..
Mina izenzo zami ngeke nizazi ukuthi ngizenziswa yini ....

Engani nina nihlezi ningisola ngokuyeka kwami eskoleni kodwa kunina akekho noyedwa owazi owami uMa ngisho ubaba Lona nina ngeke namkhomba ....
Nina niyazibuza ukuthi kungani ngenza konke engikwenzayo nami angizenzi ngiphoqwa yisimo ngiphoqwa indlala ....

Bekungesona isifiso Sami ukuphila lempilo nami benginesfiso sokuqeda eskoleni ngifunde ngize ngithole umsebenzi oncono ngiphile impilo encono kunalena kodwa njalo umawuvuka ekuseni kumele uthole okuya ethunjwini ugeze kumina lokho kwakungekho impahla zokuya eskoleni yizo ezazi ngekho umndeni waphenduka izitha kumina ngancenga kwangancengeka kunalokho kwaba khona iSkhumbuzo sokuthi mina ngiyilona ilongwe layikhaya safika kwezami ndlebe 😭😭 ...

Engani nina nithi ngazezna nganginawo umdeni muphi wona lona okwazi ukungibuka emhlweni ungitshele ukuthi owami uMa washona ngizalwa owami ubaba wangiphika hlezi lobo buhlungu kunina abusho lutho kanti futhi anibazi manini cela ningazise uPhila kanjani uhlezi wazi ukuthi wena awuyinto yalutho kunalokho ungumthwalo manini naku kuhamba izwi kugadla inyembezi hlezi lenkondlo bhuti Tee uzoyiqubeka mayengavuma okwamnje ngisacela ukwehlisa ubuhlungu lobu obugadla buphindelela..😭😭😭.........

Tee imbongi 🥀 💔
Plz guys cela ningiphe uthando share lenkondlo kuma group or ku timeline yakho 🙏🙏🙏.... Ayatholakala nama video ami ngihaya .......

31/01/2022

Qubekani Ngisoleni

Ukusemqondweni womuntu akuphikiswa kodwa ukuzama Kon akukaze kwaba icala njengoba ningibeka mabala ....

Mina eyam impilo aniyazi ...
Mina izimo engidlule kuzo anizazi...
Mina ikhaya engiphuma kulo anilazi ....
Mina usizi lwami anilwazi ..
Mina izenzo zami ngeke nizazi ukuthi ngizenziswa yini ....

Engani nina nihlezi ningisola ngokuyeka kwami eskoleni kodwa kunina akekho noyedwa owami uMama ngisho ubaba Lona nina ngeke namkhomba ....
Nina niyazibuza ukuthi kungani ngenza konke engikwenzayo nami angizenzi ngiphoqwa yisimo ngiphoqwa indlala ....

Bekungesona isifiso Sami ukuphila lempilo nami benginesfiso sokuqeda eskoleni ngifunde ngize ngithole umsebenzi oncono kodwa uma uvuka ekuseni kumele uthole okuyothunjwini ugeze kumina lokho kwakungekho impahla yizo ezazi ngekho ...

Engani nina nithi ngyazeza nganginawo umdeni muphi wona lona okwazi ukungibuka emhlweni ungitshele ukuthi owami washona ngizalwa owami ubaba wangiphika hle lobo buhlungu kunina abusho lutho cela ningazise uPhila kanjani uhlezi uwazi ukuthi wena awuyinto yalutho kunalokho ungumthwalo manini naku kukhuphela izwi kugadla inyembezi hlezi lenkondlo bhuti Tee imbongi uzoyiqubeka..........

Tee imbongi 🥀 💔

26/01/2022

Sanibonani guys igama USinethemba waka Ngcombela isbongo ...So guys le page leli elami lezinkondlo zami engibhalayo plz show support ngyacela .... ngiyabonga

Want your business to be the top-listed Food & Beverage Service in Johannesburg?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Category

Telephone

Website

Address

Personal. .
Johannesburg
PERSONAL
Other Food & Grocery in Johannesburg (show all)
Frog and Pepper Catering - Your One Stop Catering Shop Frog and Pepper Catering - Your One Stop Catering Shop
268 Weltevreden Road, Blackheath
Johannesburg, 1712

"Your One Stop Catering Shop"

All sorts All sorts
Swart Drive. President Park
Johannesburg

Amahle palesa Amahle palesa
Johannesburg

Malesela mashilo Malesela mashilo
Johannesburg

Chomie bona shasha Chomie bona shasha
Johannesburg

Tsakane bakery Tsakane bakery
Shop Number 7 Koni Street Nthabiseng Complex
Johannesburg

Bakery

Bmw 328i Bmw 328i
Johannesburg, 8378

Konka Konka
Johannesburg

One love One love
Johannesburg

Charmoz DH zinho Charmoz DH zinho
Principal Divisão
Johannesburg

E como sempre qui os produtos tao

inspire someone inspire someone
Johannesburg, SOUTHAFRICA