Mandlaenkosi Ngidi Hlomzer
Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Mandlaenkosi Ngidi Hlomzer, Grocers, Emndlovana(Greytown)/Hillbrow, Johannesburg.
Wathi uMgqumeni ohulumeni bezifundazwe namakhansela akulendayo ngeke siphinde siwavotele wayesho lokhu
Ngiyasha umkhuleko omncane, ngithi nkosi ngibonga ukuthi ngiyaphila nje okunye sizokubona ngendlela.
LAFA ELIHLE KAKHULU
Bathi kwakungenjena emandulo.
Sekonakele kuphi manje wafa siwubhekile lomhlaba.
Ntsha yanamhlanje ningenelwe yini, nakhuzwa ngapha naqhamuka ngapha.
Naphendula abazali benu izehluleki kangaka kodwa ningenelwe yini.
Naphenduk'amahlongandlebe naze naphendula nalomhlaba wangani kwanina naphenduka nabazili.
Amazwi abazali nawaphendula ize leze bakhuluma kwangathi bathela abanzi emhlane wedada kwenzenjani.
Ngiyawasola kodwa nalamalungelo abenesandla kulolubhubhane
Sekwakhala nyonini kanti kulomhlaba, Abantwana sebathatha imfundo bayiphendula ihawu lokuvikel'amasiko kanye nenhlonipho.
Ubusuku sebafana nemini kwintsha yanamhlanje, nabazili bethu abasenawo namazwi okulawula, sebelala obenyoni.
(Angikho ke lapho 😀 ngicela ningilandele)
ISETHEMBISO
Amang'ayezenza izinto zenzeke kodwa ekugcineni ayavela.
Bathi akukho okufihliwe okungaveli, okuyiqiniso elingephikwe futhi lokho.
Bathi okuhlanganiswe amanga kuhlukaniswa yiqiniso nokuhlanganiswe yiqiniso kuhlukanisw'amanga
Bathi uthando aluboni kodwa ukusola kuhlezi kukhona kuzobonisa inhliziyo esuke isithwe wuthando olungabon igcine ibonele futhi ngoba ekugcineni luyaphele nya uthando.
Ukuphela kothando ukuvuleka kwalo amehle lubone ngoba ekugcineni luyabona kodwa kusuke kungasekho ukubuyela emumva.
Noma kade ngibona ukuthi udlala ngami kodwa inhliziyo ibikuphikisa lokho. Yenqaba ize inqabe nokuthi ngikwale maqede ngikudlulise kuyo ufane nongakaze ube yintombi yami kubenzima nakimi ngoba ngangikufaka ngakufaka ngaqede ngakhipha bonke abasesondelene nami ngaleso skhathi ngaze ngathi ngeke ngikukhiphe futhi ngeke ngisafaka muntu kanti udlala ngami uwe ozophula ISITHEMBISO sethu.
Ngizamile ukukhala ngifuna kuphule yonke lento esemqondweni wami kuze kudlule, Zala ukuphuma izinyembezi ngaqhubeke ngakhumbule ISITHEMBISO esasenza nawe ngenkathi sivumelana siqala uthando lwenu olalungivale amehlo ngingezwa nomabethi ngingakuthandi kakhulu ngoba uzongipha.
Into esingishaya kakhulu ke manje noma ngicabanga ukuthatha isinqumo ngihlukene nawe ngibuye ngizikhuze ngithi kungcono masithathwe wuye isinqumo ngoba wena awunankinga nokuphula ISETHEMBISO nenhliziyo yomuntu ngoba sewuqalile wenza.
Ngizamile ukuziba imlayezo yakho ngahluleka phela kubuye kwale ngoba angifuni ukuthi uma uphuma kumi ube isitha mina anginayo inhliziyo embi futhi ngakubekela kwacaca ukuthi angidalelwanga ukona umoya womunye umuntu mina kodwa umuntu uziphumela yena kumina ngoba esethanda
Yazi ngize ngizonde nokuba nenhliziyo enhle ngoba kube yimbi ngabe kade ngaphuma kulolutaku engibhekene nalo nami ngabe ngike nje ngisiphule ISITHEMBISO kungabindaba zalutho.
Nokuba nesineke kuyangilimaza ngoba ngike ngithi ngifuna ukubona isphetho, ngithi umuntu akaqhubeke nokuzibona ehlakaniphile kunami ngeke ngibe nalutho, nami ngiqhubeke nokwenza sengathi akanakele lutho kubenhlanga zimuka nomoya ngoba kusekude esphethweni inhliziyo iyaqhubeka iyalimala.
ISITHEMBISO siyize manje ungafisa nisenze kodwa saphuka nje uqhubeka naso noma kungasavumi besinhliziyo iba nexwala ungakwazi ukuxolela.
Okwazibophayo kuyozikhulula ivuza igaz'injalo inhliziyo ayikho iyenzi kodwa okwenze omfisane nomude kuyamenza.
Kwakusekuseni kodwa ilanga laseliqalile ukuvela lapha ngaphesheya komfula ngenkathi *uNdumiso Ndlovu* etatazelela ukuyophalaza lingakasabalali nezinkalo zonke ilanga, kwazise phela kusemakhaya lapha kunezinkalo namagquma kanye nezintaba futhi akuphalazwa ilanga selithe bha emakhaya. Okwamazolo sekuqala nokubaleka kanti namakhaza aseyaphela sekuyahambeka nasendleleni le ebivinjwe amazolo asekuseni. *UNdumiso* lo kade evukile kwazise phela ubelele engalele bethembisene ukubonana nentonkazi yako *Dladla* eyayibizwa ngo *Nomasonto* lapha ngaphesheya kwakubo ayithandayo futhi abeseyishele izinyanga ezimbili zonke ingavumi ngenxa yokuthi intombi le inesoka layo *uDelani Zondo* ayethandane naye besebancanyana behlanganiswe ukuzwana kwabazali babo, nothando lwabo belungakaze lubenangqinamba bebezithandanela nje bengaphazanyiswa muntu.
Ulungisa izimpahla zakhe zokugqoka uyacula amamatheke yedwa *uNdumiso* uzicabangela intombi le ayakuyona maliqala liphakama ilanga ngenkathi kuvela uyise esamamatheka, Hhayi Inkulu lento ekujabulisile mntanami ubonakala ngisho uhamba la egcekeni ukuthi ay kuyaphuthuma kukhuluma *uGatsheni* ubaba kaNdumiso esho eyibuka indodana yakhe eyayitatazela ingamnakile nhlobo noma ekhuluma. Kuyiwaphi sekuswekwe kanje Wendodana? kuqhuba *uGatsheni*Ngicela ukukhuluma ngibuya mntomdala nasineskhathi sesidliwe yinja kuphendula *uNdumiso* owayelokhu emamatheke njalo. Uyikhehla elisezintweni uyise kaNdumiso akashongo lutho olutheni phela wayelibona ibhobhodlana lakhe ukuthi selikhulakhulile, Siyozizwa angifuni ukuthethamacala mina umuntu akayosebenza khathi ezolobola esho ngezwi elibonakalayo nje ukuthi uyazincokolela *uGatsheni* . Bahleke bobabili kanye kanye ahambe uNdumiso.
Usengaphesheya uNdumiso usuku lokuqala bebonana Nonomasonto Dladla khumbula bebenokuxhumana ngeselula bekhuluma zonke ocingweni bekhuluma beze bekhulume ngisho nangesoka lakhe uNomasonto abathembisene ukukhula beze kube umama nobaba noDelani Zondo. Phela isile le ewuNdumiso ingena iz
Mandlaenkosi Ngidi Hlomzer Send a message to learn more
Iya

Click here to claim your Sponsored Listing.
Videos (show all)
Category
Website
Address
Johannesburg