Zulu Novel & Short stories by Seabreez

Zulu Novel & Short stories by Seabreez

You may also like

Nomcebo zikode
Nomcebo zikode
Zhuye1
Zhuye1

It all about Novel and short stories,if u hate reading obviously,you're in a wrong place.

26/11/2022

ISIPHITHIPHITHI

Ep 2

Kwadlula izinsuku ezimbili kuya kwezintathu uZethu Nomathemba bengamkhulumisi uGejalakhe egcekeni,bemuhambisela ukudla kuthuleke kanjalo,owathi ngakusasa kuzofika abakwaMthethwa bezolobola,wathi uGejalakhe kuZethi ungalinge ungihlaze nje usuku olukhulu Kabi kusasa manjeke ziphathise okwengane ekhuliswe ngenhloniphe,wavuma kancane nje uNomathemba,kwathi ekuseni nje uGejalakhe uyena owayememeza uZethu Kanye Nomathemba kuze belungise lapha ebaleni abantu befike kuhlek,Kanti namanye amalunga oMndeni wakhona kwaGejalakhe ayesendleleni ezoseka uGejalakhe.

Wathi mayephithizela igceke lonke uGejalakhe kukhala ibhungane izindlu Zonke,egumbini lika Nomathemba azikho izimpahla zakhe,aphuthume ayobheka ezika Zethu nazo futhi azikho,kucace ngokusobala ukuthi bashaye bachitha phakathi kwamabili uGejalakhe esalele,Kwama inqondo kuGejalakhe ebamba eyeka engazi ukuthi sekumele enezenjani manje,kuwolowo mzuzo kwabe kufika izihlobo zakhona layikhaya ezazize emcimbini wokulotsholwa kuka Nomathemba nabo bathe mabezwa loludaba lokubaleka kukaNomathemba nonina bathwala izandla ekhanda ngenxa yehlazo abasebelibuka,akudlulanga ngisho amabili amaHora besadumele bezwa amazwi ememeza esangweni mabephendula amakhanda naba abantu bekhuleka esangweni,nezinkomo ziyabhinga abafana bashaya amakhwela bayazilawula zavele zazehlela izinyembezi kuGejalakhe,babavulela isango balukhuma udaba. lukaNomathemba ukuthi ubalekile kanye noMama wakhe,alwehlanga Kahle loludaba kuMthethwa ngoba waphathwa Kabi ukuthi akekho omuntu ongafuni ukushada naye njengoba eyisiqumama esidumile nje kwenzakeleni kuNomathemba njengoba ebalekile,ezibuza eziphendula baphindela emuva bedangele.

Unomathemba noZethu babalekela Kubo kaZethu kwaNdonga ziyaduma,lapha ababehlangene khona benoGejalakhe ngoba Phela uGejalakhe wayesebenza kwaloliwe,uZethu wayshintsha isikole waqhubeka khona kwaNdonga ziyaduma(eGoli),wafunda waqeda waya e university wenza izifundo zodokotela bamathambo,wathengela uZethu isithabathaba somuzi khona eGoli,uZethu ngelinye ilanga wazitholela isoka elaliwuthishanhloko kwesinye isikole,bathandana nalelisoka igama Lalo kungu Mfaniseni Makhunga,lesisibongo sikaMakhunga kwakungesika Mama wakhe uLora osewashona Kade engakamtsheli isibongo sakhe sangempela,kwaphoqa ukutthj abavele beshade ngoba ayikho into ezokwenziwa,kwavunyelwana wathi uZethu ngisacela ukuphindela Lena eKwazu natal ngiyokwazi uMyeni wami uGejalakhe ngokuthi uZethu uyashada emvakwalokho sekuzoba kuyena ukuthi wenzanjani uyeza emshasweni noma cha,ngoba engingakufuni ukuthi efihlelwe.wathi uMfowakhe uzomphelezela ngoba akusaphephile emuva njengoba bengahambanga njekahle.

Bathi mabefika bafica uGejalakhe sewaba nomunye uMfazi uyaphithizela ekhishini,wathi uGejalakhe ebona uZethu sngena ngesango wamemeza wathi uze ungalinge nje ungene kulelosango awsamukelekile kulamagceke washiya ungihlazile eMphakathini manjeke qhubeka nempilo yakho nami uyabona sengathola oncono kunawe,wamemeza me khona ngaphandle uZethu,Bengizokwazisa mina ukuthi uZethu uyashada kuphela nje bengicela umseke njengeNdodakazi yakho,uGejalakhe kwamthukuthelisa kakhulu lokho wathi uwodwa umshado kaZethu engiyowunikeza izibusiso Ilona iwakhe noMthethwa awukhoke omunye lona ongitshela ngawo ngiyawuqalekisa,wathi uZethi minake ngiyawubusisa,baphindela emuva noMfowakhe.

Kwathi ngolunye usuku uNomathemba avuke aye kuZethu athi Mama ngiphuphe kunesiphithiphithi emshasweni wami manje angazi kusho ukuthini lokho,uZethu kuzomele siyobona umuntu wesizulu ngaphambi kokuba siqhubeke Nazo Zonke izinhlelo zomshado,wavuma uNomathemba..

IYAQHUBEKA

24/11/2022

ISIPHITHIPHITHI

Ep 1

Endaweni yaseMagawula kwanentokazi eyayidumile kakhulu endaweni,idume ngakho konke okuhle yayingaqomi,Kanti iyinhle,eskoleni ingaphaphile Kanti futhi ihlakaniphile kakhulu,inhlonipho yayo yayisezingeni eliphezulu kakhulu Kanti akujwayelekile ukuthi uma umuntu esezazi ukuthi muhle ahloniphe abantu ngoba usuke esenempakamo.igama lalentokazo kwakungu Nomathemba.

Unomathemba ngelinye ilanga esenza ibanga leshumi,ezibuyela esikoleni emini ilanga likhipha umkhovu etsheni,mayethi uyangena esangweni abone uyise wakhe okwakungu Gejalakhe,ehlezi ngaphansi kwesihlahla esasisikhulu egcekeni sikhanda omnanda umthunzi lona,owawuthi mawuhlezi khona uze ugodole,uGejalakhe wabe esemeza uNomathemba wasabela ngokushesha uNomathemba wagijima ebheke kuYise,wafike waguqa phambi lwakhe,uGejalakhe Ndodakazi ngicela uma uyogumula inyufomu udle emvakwalokho ubuye lapha Kimi kunadaba olujulile okumele silidingidi,uNomathemba yebo Baba esukume eyegumbini lakhe afike agumule bese eya ekhishini esethi uyobheka okuya ngasethunjini mayefika khona ufica uMama wakhe uZethu ihlezi dekle phansi usekhale waze waphathwa isibibithwano, uNomathemba abuse manje ngezwi elinosizi nokudabuka,kwrnzenjani Mama...ukhalelani?,angaphenduli uZethu kodwa akhombise uNomathemba ukudla lwakhe phezu kwetafula okwakusepuletini lothayela, uNomathemba akhulume ngezwi eliqhaqhazelayo samuntu naye osefuna ukukhala,ngeke ngidle mina Mama ungakasho ukuthi kwenzakalani angikaze ngikubone unjena,yini uyakushaya yini uBaba...Mama khuluma nami kmina iNdodakazi yakho uNomathemba ithemba lakho elikhulu ngakhoke khuluma Mama,lapho usevele uciphiza izinyembezi uNomathemba uguqe phambi kukaZethu.

Unomathemba wasukuma ngesikhulu isivinini less ebheke kuYise ngaphandle,wafike Sama wabambelela eqolo eciphiza izinyembezi ngenxa yobuhlungu obuzwayo ngaphakathi,washo ebuza Baba uMama ukhalelani ngoba ngiyazi ngeke evele ekhale kukhona lokhu osukwenzile,uGejalakhe wambuka ezinhlamvini zamehlo uNomathemba wathi ungizwe Kahle ntombazane angizalanga mina into engazazi ukuthi ime kuphi futhi ibhekephi nempilo,into nje engahloniphi ngizothi ngisuka ngikudwebe umzimba wonke nganasi isitwebhu Sami ngisuke lapho ngikufake amasondo kulomuzi wami ungaphinde ubuye ngakhoke njengamanje uzokwenza okufane ngingaze ngilahlekwelwe ukubekezelela lodoti wakho,akawapholisang'amaseko uNomathemba ebheke phansi ngedolo ngiyaxolisa Baba ukuthi ngiphathwe Kabi ilendaba yokukhala kuMama ekhishini.uGejalakhe Muyeke uMama wakho akukho okubi engimenze khona Kube nokunqubuzana kwemibono nje kuphela,kuthuleke umzuzwana...

uGejalakhe,manje Ndodakazi kunodaba olubalulekile lapha njengoba namhlanje besiqala iviki,kulempelasonto kuzofika abantu kulamagceke bezolobola, uNomathemba kulotsholwa ubani Baba?,Mama Ndodakazi kusho uGejalakhe ngomoya ophansi ngcela ungilalele,uMthethwa lona wasesgodini sakwa Nxele uyena lona ozolobola kulamagceke ungithembise izinkomo eziwu 20 njengoba ubonake nje Ndodakazi isibaya sami sesine,inkomo ezibaliwe Kanti futhi uMthethwa isigwile esidumile akekho umuntu ibheke acumen nengane yakhe ukuthi igane uMthethwa icwile emafutheni,wakhuza ibhadi uNomathemba ewavule onke amehle,Baba... Baba...Baba uthi uyangicabangela kodwa ikhehla nje leliyana ngisho nomuntu olingana noMama ngeke elunge kulelakhehla njengoba emdala ngisho kuwe nje Baba ngiyaxolisa ngeke ngikwazi Kanti futhi sengizobhala izivivinyo zami zokuphela konyaka ngicela ukungaphazamiseki esikoleni bathembele kimi ukuthi ngiphase ngamalengiso ngiphakamise igama lesikole Kanye nalomndeni.
uGejalakhe nci nci nci enikina ikhanda kusho khona ukuthi awungizwakahle Ndodakazi mina ngiyakutshela asixoxisani ngithi Wena kusukela namhlanje usuyingoduso kaMthethwa futhi ngigcinile ukuzwa ukuthi umbiza ngekhehle sesiqedile ukukhuluma lapha,ngesankahlo phindela kunyoko ekhishini niyongenzela ukudla.

IYAQHUBEKA...

23/11/2022

Ngyabonga lena bekuyindaba ngoba ngfuna ukubona ukuthi basekhona yini ababili abathathu abakuleli Page.
Nami ngavele ngabona ukuthi ngeke kuBalance ukufunda nangapha ukujabulisa abantu ngezi Tory kuFB ngakhetha ukuma ngapha,ngixolise kodwa kulabo abawu 90 kuya Ku 100 ngizobabhalela ngoba nami sengikhumbule ukuqambamanga ajabulis abantu

23/11/2022

Ngambuzake uRoomza ukuthi ingakho nje behlezi ethi angingayuthembi intombi yami,wathi yena angakusho nje ukuthi uyaxolusa,ngasengithi ngiyanikhulula qhubekane mina angsenantombi kusukela namhlanje ngibuka lona ebengithi intombi yami Kanti usathane uqobo lwakhe,ngabe ngingena endlini ngiqoqa okungokwami sengishintsha umqasho,ngafonela abangan bami ukuthi bezongithuthisa izimpahla,kwaqhamuka uMastende wathi chabo akuthumina kuzothutha yena loRoomza wami ngoba kuyacaca ukuthi baningi abasazokhala kulomqasho akahambe eyobakhalisa kweminye imwasho.

Nami engingakwazi ukuthi lentombazane esqhathile bingifihlele ukuthi iwuMfazi womuntu eMakhaya,lokho ngikuzwa nje ngoba lapha okwasekuhlala khona uRoomza wami kwakuqashe nomngani wesoka lalentombazane ebengithandana nayo,Kanti laba bazoqhubeka bevakashelane yavele yabhama indaba,isoka laseMakhaya lifike liqhuma ukuthukuthela abalibonile bathi beligaxile eqoli,lezithandani ezimbili zashaya zachitha,mina akekho nje owake waliphatha igama lami ukuthi phela nami ngiyathinteka kulrntombazane.

Mina ngaphunyuka kanjaloke ngoba ukube kwakufunwa mina mhlampe ngangizotholakala ngife kanjalo nje ngenxa yomuntu wesfazane esihlangane naye esilungeini ongathembakele,Nani ningamthembi umuntu wesfazane omqalayo uzithole sufaka amazipho uzofa lapha ongazi khona.

23/11/2022

TRUE STORY

UNGABOMTHEMBA UMNGANI

Yazi kshuthi izolo ngyavuka ekseni ngilungela ukuyobhala iphepha lami liqala ngo 9 liphela ngo 11,uRoomza angibuze ukuthi kukhona yini lapha engizophuma ngiye khona?,ngithi chabo ngzobe ngkhathazwe iphepha Kanti futhi angilalanga Kahle ngifunda ubsuku ngakhoke ngzobe ngijahe ukubuya ngizophumula athi hhayi kulungike.ngithi mina khuluma Phela uma kungukuthi ufuna ukuyisebenzisa indlu athi yena hhayi lutho nkabiyami hamba ungaze ushiywe isikhathi ubhale Kahle,ngibonge ngiphume.

Emini ngiphume ephepheni ngithi mangidlula emnyango kaMastende angibize athi uNjani Marvellous ngithi ngyaphila Mama unjani Wena,athi naye uyaphila,beseyangbuza ethi uyakhumbula ngenkathi ufika uzoqasha laykhaya ukuthi ngathini,ngamtshela ukuthi wathi awungeni empilweni yeziqashi Wena uzifunela imali nje,wathi ilokho nje namanjeke ngisamile emazwini ami,ngathi mina ngyabongake Mama ngsaphuthuma ukuyodla ngilambile,athi kulungile.

Ngithena mangifika endlini yami ngizwe kukhiyiwe ngithi ngbuka imbono yokhiye kunokhiye ngaphakathi,uthi lensizwa ngaphakathi ngisacela ubuye ngesinye isikhathi nkabiyami ngyakcela,hhayi ngivume ngoba vele impilo yethu Lena yokukhiphana,besengithi ungibhalelek uma suqedile ngiyafa indlala ngikhuluma nje yena ungaphakathi mina ngingaphandle,ngisho ngizihambela Kanti ngizothi mangifika esangweni ngizwe nginqena nje ukuya kubangani bami ngibhocobale ngizihlalele phezu kwesitini ngicofe ifoni yami.

Akudlulanga ngisho emingaki ayiphelanga imizuzo ewu 30 mhlampe wayezitshela ukuthi sengikude,athumele umlayezo athi ucela ngibuye useyamkhipha lomuntu,Phela mina angithi ngivele ngikhona lapha egcekeni ngivele ngisukume ngiyendlini ngfice sevule umnyango sebeqabulana okokugcina,lona wesfazane esethi asambeni Sthandwa Sami❤️,akangiboni uRoomza uvele useyangibona yathi mayiphenduka lentombazane yamisa okwe Robot,
Leyontombazane kwakuyintombi yami.

23/12/2021

ISIPHINDISELO (REVENGE)

Episode 2

Kwathi kuwusuku lokuqala luka Nxele emsebenzini kwaZondi kwaqhamuka uZondi eze kuNxele wafike wambingelela baxoxa kancane into eyayingatheni wasephindela endlini uZondi,mayengena ngaphakathi ufica uMkakhe uMasbiya usethukuthele ugane unwabu,mayebuza uZondi ukuthi sekwenze njani?,akhombise okukhulu ukuthukuthela uMasbiya esuke lapho ethi "Baba maduzane uzokwazi ukuthi kwenzakalani lapha siqashe umuntu okunguyena nqo ukuthi ezosisebenzela layikhaya",wasuka lapho waziqhubekela namabhodwe njengoba wayepheka kwamthusa kakhuluke lokho uZondi ngoba uwazi ukuthi bobabili bayamqala nqa uZondi.

Kwathi makushaya isikhathi sokuthi ashayise emsebenzini uZondi,wahamba wayovalelisa,waseziyela kwakhe.
Wathi engena nje endlini nayi imoto yakwa Zondi ishayelwa uMakoti wakhona kwaSbiya uyadlula nakhona hhayi ukuthi uze kuNxele,lokho kwamthusa uNxele ngoba uke wayiqaphela indlela abukwa ngayo uMasbiya waqhubeka wazingenela endlini,kwadlula imizuzwana waphinde wadlula futhi uMasbiya esephindela emuva wathi mayefika kwakhe watshela uZondi ukuthi useyazi lapha okuhlala khona uNxele lona osisebenzela layikhaya,okungijabulise kakhulu ngizwe kukhala izwi lengane encane ngaphakathi,
Wahlahla amehlo onke uZondi,"Cha cha cha Makoti Saba nenkinga impela ngengane yethu kodwa lokho akusho ukuthi sekuzomele kuhlukumezeke abantu ngalokho,asiluthwale nje usizi lwethu.
Wahleka kancane sakubhuqa uMasbiya,Awazi Wena Baba kusadlala ifilimu lapha awukaboni lutho kusasa ngisacela ukuba ngendlela ethe ukuba yinde mhlasimpe ngzoze ngibuye ntambama,
Zamthusa izenzo neynkulumo zoMkakhe ngoba akamazi ewumuntu othanda ukusongela abantu.

Bathi sebeyolala uZondi beno Masbiya,kwakungalaleki kuMasbiya elokhu eguquka ubusuku bonke umbona nje ukuthi ukude kakhulu ngokomcabamgo.kwathi makusa wavalelisa kuZondi wangena emotweni wahamba.
Kwafika uNxele esezosebenza esathi uqala ukusebenza abizwe uZondi endlini ukuthi abazophiza itiye ndawonye,angeneke endlini uNxele bahlale phansi kubemnandi nje,kwathi ngesikade wabuza uZondi kuNxele ukuthi ngabe kukhona yini lapha abazana khona?,
Waphika uNxele,wathi umaze ngoba esesebenza khona la kwaZondi,anikine ikhanda uZondi ehuba itiye umoya ewubeke phansi engakhombi nokulwa,cha cha cha Mnumzane yena kodwa indlela akhuluma ngayo ngathi kukhona kodwa lapha enazana khona noma enake nabonana khona mina ngiyazibuzela nje angisho ukuthi mhlampe khona okubi yini owakwenza...chabo!.
Waqhubeka waphika uNxele,Njengoba besengishilo nje Mnumzane angimazi,yini engangenza ngiphike kodwa ngempela ngoba usho nje akukho okubi engake ngakwenza.
Hha kulungile Mnumzane ungahamba uyoqhubeka nomsebenzi wakho sobuye sikhulume ngoba nami ngsaphuma kancane,ungagoduki kungakabuyi muntu wazise phela sisafika kulendawo basengasintshontshela.
Avume uNxlele ebesukuma eyophuma ngomnyango.
Wathi eyophuma uNxele,uZondi naye wayembukisisa ukuthi ngabe ngempela uyabuqlala yini lobubuso.

Ntambama kwabuya uMasbiya kuqala,wehla emotwni,enanemthwalo wagijima uNxele waya kuyena wafike wabingelela wamlekelela ngemthwalo bayifaka endlini.
Wathola ithuba lokubuza uNxele kuMasbiya,Medemu ngizwe uMnumzane lapha ethi ngathi uthi kukhona lapha ongazela khona,ngabe uMedumu wayengibonaphi ngoba bengithi niyafika lapha endaweni?.
Khululeka Baba bengkufanisa nje nami akusiyona into etheni.kuphendula uMasbiya ngomoya ophansi kodwa ehleka inhlinini.
"Ngoba vele selishonile Medemu nami ngisacela ukuba indlela vele ksasa ngiyaqeda sekusele kancane ngiphethe manje".
"Kulungile uhambe kahle",kusho uMasbiya.
Kwakungaphele ngisho emingaki imizuzu ehambile uNxele kusale kufike uZondi.

Kwaba ukungena kwakhe uZondi endlini,
uMasbiya,"Baba Baba ngicela singaqale simdedele ngokushesha uNxele manje uthena uyaqeda umsebenzi kusasa"
Abuze ngomoya ophansi uZondi,"Kanti kwenzakalani phakathi kwenu ngempela,ngoba ngikhulunile naye emini,waphika wathi akakwazi nhlobo nje yena?"
"Baba lento ijule kakhulu angifuni ukukutshela ngoba uzosuke ithathe ngolaka inyamazane bese ibaleka nonoxhaka sisale sikhala"
"Makoti uma ingangitsheli lutho manje,kusasa lokhu okusayo ngyamxosha,izwi lami liyagcina Mfazi" amazwi kaSbiya lawo esethukuthele.
Nangempela waliphalaza iqiniso uMasbiya esebona kushuba engakazifezi izinhloso sakhe,"kulungile Baba ngizokutshela,uNxele owangiphuca ingane wangishiya esitaladini ngalolusuku ngiphuma esibhedlela".

IYAQHUBEKA
UZOKWENZANJANIKE UZONDI NGOBA ESEZWA LENDABA?

21/12/2021

ISIPHINDISELO/(REVENGE)

Kwasekuphele iminyaka emithathi uMangema eshade noNxele bengazitholi izingane zabo zasemshadweni kodwa uManxele unayo iNdodakazi yangaphandle emshadweni,Kanti uNxele yashona eyakhe iNdodana ayeyithole ngaphandle emshadweni.
Kwaze kwamphoqa uMangema ukuthi abuze manje kuMyeni wakhe ngoba uyabona phela ukuthi akazixaki ngokuthi kwenziwe abantwana.
uNxele wathi mayebuya ntambama emasimini wafica uMangema esembekele amanzi okugeza wamthelela endishini wamhambisela,wathi eqeda ukugeza uMangema wabe emhambisela nokudla bexoxa nje kumnandi ngendlela emangalisayo endlini.

Waluqalake udaba uMangema,"Baba yazi sengikhathele ukuhlekwa abanye abafazi endaweni njengoba ngingabatholi nje abantwana,bengsacela ukuya kumuntu wesizulu mhlampe kukhona angangizama ngakho."
Wavele washintsha ebusweni uNxele,"ngike nje ngizwe kuthiwa suhamba izinyanga uzowukhomba umuzi onotshwala."
"Kanti wena Baba awubafuni yini abantwana?...noma indlalifa eyodwake nje?"
"Sibaletha kuphi labobantwana kulenhlupheko esiphila kuyona?,akukho bantwana sabenza lapha khohlwa Mangema indaba yabantwana "
Amphatha kabi kakhulu uMangema uMangema lamazwi ewezwa ephuna kuMyeni wakhe ngoba phela wayebuka nokuthi iminyaka iyahanba ayimile benganazo izingane,ebuka nokuthi uzoziqhenya kanjani ngokuba iMfazi enganabo ngisho abantwana bakwa Nxele.

Ekuseni akekho owayekhulumisa omunye endlini uMangema wathatha igeja lakhe washona engadini kanjalo noNxele wathatha igeja lakhe walandela beyolima eyngadini,bathi mabebuya ntambama uNxele wacela uMkakhe ukuthi abahlale phansi bekhulume.
Waluqala udaba uNxele"Makoti ngiyabonga ikuphatha kabi lendaba yokungabi naye umtwana,bengifuna ukukwazisake ukuthi asimzame"
Wajabula kakhulu uMangema ezwa lokho"ngyabonga Baba alikho ithuna lendlala ungabalisi icebo lizozakha uzokhula nje umtwana nawe uzizwe uyiNdoda endaweni"
Kulungile Nkosikazi namhlanje sizolala ndawonyeke.

Kwadlula inyanga uMangema watshela uMyeni wakhe ukuthi usezithwele,yize uNxele engakhombanga injabulo ngalokho kodwa uMangema akabanga nandaba ngoba into ayeyikhathalele ukuba nomtwana nje kuphela,wathi mayewatshela amanye amakhosikazi ezingadini abanomona ngoba phela ayesehlezi embiza ngenyumba,phezu kwalokho eseshilo ukuthi uzoba nomtwana bamgcona ngokuthi izophila ngani leyongane?,ngoba kulanjwa kanjena nje kwaNxele wazise phela kwaNxele iwona muzi owawuhlupheka uyidlula yonke imizi endaweni.

Kwabe sekufika isikhathi sokuthi uManxele abelethe ingane kwaba uMfana,akakhombangabfuthi ukujabula uNxele ngisho sebemuzalele iNdodana,yaqhubeka impilo uNxele wathola itoho kwesinye isigwili sakwa Zondi wayeyotshala izimbali khona anakekele negceke.

IYAQHUBEKA LENDABA
ZIBUZE KUNGANI UNXELE ENGABAFUNI ABANTWANA?

19/12/2021

IZIMFIHLO NAMANGA
*
Episode 7
*
uSothole emvakokukhipha uMantuli ngamasango nezikhwama zakhe Kanye nezingane akabange esapholisa maseko waqonda nqo kuSeipati wafike wathi akathuthe izimpahla zakhe beyohlala ndawonye kuze ezokwazi ukumnakekela Kahle benengane Lena ayithwele kodwa uSeipati wala waphetha,wabuza uSothole ukuthi ngabe kukhona yini amfihlela khona?,waphika uSeipati wathi akamfihleli lutho ukuthi ithanda ukuhlala kwakhe nje kuzobancono bevakashelane hhayi ukuthi behlale ndawonye,wavuma uSothole yize kungamujabulisanga lokho kodwa wayengafuni ukuphoqa izinto phakathi kwakhe beno Seipati.bathi besaphikisana ngalokho bemile kwakhala uMakhalekhukhwini kuSothole mayethi uyabuka uthola ukuthi singenile imali yakhe ayingayidalulanga kodwa wakhipha nje elokuthi singenile imali Sthandwa sami futhi sicebile hhayi kancane njengamanje mina ngithi asizikhiphe siyobona ukuthi sitholani eDolobheni.

uSothole beno Seipati bathi behamba eDolobheni bahlangana noMantuli ephethe ushekhasi owawunesinkwa sodwa,wahlala kancane uSeipati ebona uMantuli ekulesasimo sokuba usizi laphoke uSothole wayengazi nokuthi ubonani lapha kuMantuli,bangena esitolo bahhundula konke ababekudinga baphindela ekhaya,usuku lwabo lwaluluhle kakhulu bendawonye bengaphazanyiswa uMantuli.
Kulobobusuku uSothole wafikelwa iphupho lisuka kuMama wakhe emtshela ukuthi izingane azinacala akahlale nazo ngoba sezazi yena uma engakwenzi lokho izinto ziyomjikela kube sengathi akakaze abe nalutho empilweni yakhe,ekuseni wavuka washayela uSeipati ucingo emtshela ngaleli phupho wathi uSeipati habe!,usuzokhulisa izingane zenye indoda wena?,ngeke kwenzeke lokho,wahleka kancane uSothole wathi ngyakuthanda ngoba ucabanga njengami angikwazi ukukhulisa izingane zenye indoda mina ngeke abaphansi bengiphe ingane esuke uMama ezotho ngzolahlekelwa yikho konke enginakho uma ngingakhulisi lezingane,uSeipati wathi ngyabonga Baba manje usazowakha yini umuzi wasekhaya njengoba wawuthembisile?,
Wavumela phezulu uSothole,"akukho okushintshile Sthandwa sami,ngizokwenza noma ngabe yini ezojabulisa wena khululeka nje ugcwale ibhavu".
uSeipati wagiya yedwa ezwa lokho.

Kwathi emini kwafika uMantuli ehamba kancane eze kuSothole,lapho uSothole uhlezi noSeipati ngaphansi komthunzi eycekeni bashaya ezibanda iziphuzo lezi kanti nelanga lalikhipha umkhovu etsheni,mayefika uMantuli ababingelele eguqe ngamadolo phambi kwaSothole explode ngakho konke akwenza kuyena,wamazisa futhi nokuthi akanayo indawo yokuhala noBaba wezingane kuthiwa sewashona bamdubula eGoli kanti futhi wayengashilo nakubo ukuthi unezingane nami ngathi mangifika nazo baziphika bangixosha njengamanje sizoyhlalela emqashweni,noma ungangixolelanga futhi kuyobe kufanele nisale kahle ngiyakubongela nokuthi suthole umuntu oletha injabulo empilweni yakho washo esukuma ehamba,wathi eyophuma ngesango wezwa ngohleko luqhuma phezulu behleka yena indlela ayesedabukisa ngayo.

Kwadlula izinyanga ezimbili,kwaqala ukwakhiwa isithabathaba somuzi kubo kwaSeipati,awuthathanga ngisho nesingakanani isikhathi wabe usuphelile,uSothole wafaka izimpahla phakathi.
Kwathi nakuqala unyaka kwafika iNdodana neNdodakazi kaMantuli beze kuSothole bezomtshela ukuthi baphase ngamalengiso uMatukuletsheni wabo,uSothole wazibuza izingane ukuthi manje yena ungenaphi lapho?,aziyi ngani ziyokhimbisa uBaba wazi?.
Zathi izingane chabo Baba besizokukhombisa asizile ngokuzicela imali,wavele wazixosha izingane uSothole zaphuma ngesango sezidabukisa.
uDumisani wahamba wayofundela ubuDokotela eCuba Kanti uNenelezi iwayemncane Kuno Dumisani wenza izifundo zobuMeli eKapa.

Kwathi makufika isikhathi yatetwa ingane kaSothole kwakuyiNdodana wajabula kakhulu Kanti futhi akukho ayengayenzeli khona indlela ayeyithanda ngakhona,kwadlula iminyaka eyisikhombisa uSothole wezwa kuthiwa uSeipati uyashada mayethi uyamshayela ocingweni akasamthole mayethi uya Kubo lapha akhanda khona isithabathaba somuzi ufica kugcwele umuzi kuyaphithizela ngempela athole futhi ukuthi uMshado mayethi uyombuza kwabadala bathi Ndodana ungoni umcimbi weNdodakazi yethu asazithina ukuthi nanivumelene ngani ngakhoke awusishayise ngomoya.wathi uDeipati ngathi ngiqeda ukunakhela umuzi ongaka seningenza njena?,wathi loMama uSeipati angazi noma wayengakutshelanga yini ukuthi uyingoduso yomuntu eyayivele simlobolile.waphuma ngesango ehamba kancane uSothole ethukuthele egane unwabu.

Wathi mayephuthuma eya kubameli eyobika udaba lwendlu ayakha kwaSothole bamfuna imali abameli wathi ubala lolo,waphuthuma emshinini mayefika khona imali ayiikho ekhadini lakhe mayethi ingena ngaphakathi uyobuza bamtshela ukuthi imali uyikhiphile bekusebusuku futhi,wathi uyaphika uSothole bathi asazike bhuti wezwa sengathi uyasha uSothole ezwa lawo mazwi okuthi akasenamali.
Wathi uphindela kubameli futhi wafica uDumisani iNdodana kaMantuli igcwele ihhovisi isiyasebenza,waqaza kaningi uSothole wathi uzocela ukukhuluma noMeli uZulu wathi uDumisani selisebenza mina lelihhovisi ngiwuMeli manje Baba,wavele wamelwa inhliziyo uSothole bamuphuthumisa esibhedlela mayefika laphana uthola uNenezi usewaba uDokotela iNdodakazi kaMantuli kwavele kwaduma ikhanda kuSothole wawbona noNenelezi esesebenza.
Bathi mabefika ekhaya bamxoxela uMantuli ngiSothole,kwazwela kakhulu kuMantu waphuma waya kuSothole esesekhaya enganakekelwe muntu,wamnakekela balungisa izinto babuyelana kwamnandi bavuselela uMshado wabo kabusha izingane zabakhela isithabathaba somuzi.
Kwathi makuzwakala kwatholakala ukuthi uSeipati noMyeni wakhe bashona engozini yemoto sebeya kwi Honeymoon,Walanda iNdodana yakhe uSothole Kubo kwaSeipati.
Nezingane zikaMantuli zashada zaphuma umizi yazo.
*
*
BEKUYISOKE ISIPHETHO SENDABA YETHU LESI

18/12/2021

Ninjani,bengsacela ohlala eNewcastle eMadadeni e1 angtholise uMqasho Uma kukhona awaziyo plz.

17/12/2021

IZIMFIHLO NAMANGA
*
*
Episode 6
*
*
"Baba ngisacela uyeke ukuhamba uthatha izimpande ongazazi ubuye nazo layikhaya ngoba ngelinye ilanga uzosibuuela nezilwane eziyisixaka kulamagceke size sicabange Nokuthutha siyokwakha kwenye indawo."
Kuthetha uMantuli ngenxa yempandw ebuye noSothole eGoli.
Waphendula uSothole ngokusaba nakhona,"Chabo Makoti ngikhohlwe ukuyilahla khona lena kantike Makoti vele ngiyacabanga ngoba kuzongena lezizumbulu zemali nje kuzomele siyoqala sakhe Kini kuqala emvakwalokho sizobe sesilungisa kulamagceke noma nathi sithuthe siyokwakha kwenye indawo."
Wahleka kancane uMantuli"ngyakuzwa Baba ngkuncome nje ukhulumisa okwendoda ngempelake manje konke lokhu oqeda ukusho ngihambisana nakho konke."
Wajabula kakhulu uSothole ezwa uMantuli ekhuluma naye Kahle kanjena.

Kwathi sekudlule inyanga namasonto amabili uSothole wayesemasimini ilanga likhipha umkhovu etsheni,kwangena ucingo kumakhalekhukhwini wakhe mayewukhipha uthola ukuthi uSeipati,aqale aqalaze uMantuli efuna ukubona ukuthi iqhele kangakanani kuze akwazi ukubamba ucingo,nangempela wamthola ukuthi ukude uMantu wahlala phansi edwaleni walubamba ucingo."Halo!."
Waqhamuka esebhavumula nje uSeipati ocingweni"Awungitshele bucabanga ukungalubambi yini ucingo lwami?...uyadlalake ngoba phela suzolubamba ngempelake manje ngoba phela maduzane nje ngzobe ngzokukhulumela indlalifa yakho"
Waqala. Ngokungingiza uSothole"kahleke Seipati ufuna ukuthini kimi?,uzithwele ingane yami?"
"Yebo kunjalo nje,sengibuya ngisho kuDokotela"
Kusho uSeipati.
"Kulungileke ngizofika lapho ngezikhathi ngizokubona"
"
USeipati wayehleka yedwa endlini esho khona ukuthi wawubamba ufishi omkhulu njengamanje sekuyisikhathi sokuthi kuphume amaqiniso odwa kuze azihlalele noSothole,wangabe esachitha mzuz'emingaki waqonda enyangeni yakhe ethi uyofuna umuthi kuze kuzobola lelidliso elikuSothole akhohlwe uMantuli.kwathi ilanga seliyozilahla kunina wathi engena uSeipati kwakhe kwabe kungena ucingo okusuka kuSothole esho khona ukuthi usesendleleni eza kuye,kwamjabulisa uSeipati lokho,ngoba wabe esephuthuma endlini wafike wabeka amanzi etiye enzela ukufaka eomuthi awunikezwe inyanga yathi uzothi Uma eseqede ukuliphuza lelitiye uSothole uzovele abuyise idliso kuyobe seliqhasha laphoke.
Nangempela wangenake uSothole ufika nje uselungiselwe amakhekhe Kanye netiye,wadla amakhekhe waphuza netiye wabhekisa lena,wabuza uSothole ukuthi Mtakwethu ubuqinisile ngaloludaba lwengane?
Wavuma uSeipati,wathi yebo kunjalo nje ngeke ngidlale ngentobl enjena.
Wathi esazama ukukhuluma uSothole,wabamba isifuba,wakhala ngokuthi ufuna ukubuyisa kodwa akwezwa nje kahle,wasukuma wathi usaphindela kwakhe bazobuye bakhulume ngaloludaba,waphuma egijima uSothole ebheke kwakhe,wasala ehleka uSeipati ngemuva.

Wafika kwakhe uSothole waqonda endlini encane wabuyisa yonke into into wezwa kubhajwa ushekhasi emphinjeni,mayethi uyawudonsa unamaqatha enyama yenkomo phakathi amancane kuboshwe ifindo wangamnaka ukuthi kwenzakalani wathatha waphosa phakathi emgodini emqondweni wakhe waba nokuthi kushuthi lento wayidla ngephutha kanti Tinto endala Yaba khona ngaphakathi kuyena,wabe useyaphuma uphindela kuMantuli uMkakhe wamtshela ukuthi cishe wafa uyabuyisa,wathi uMantuli lala Baba uphumule ukhathele vele enasemini kade usebenza.
Wathi uSothole Makoti khona engifuna ukukutshela khona masengivukile...waseyalala.

Ekuseni eyntatha wathi mayevuka nje uSothole uMantuli wayesalele wahamba waphindela enyangeni yakhe mayefika khona wathi enyangeni yakhe ngizocela usizo lwakho lana,izolo ngiphalaze into engayazi ebiboshwe ifindo inenyama yenkomo,yathi inyanga inganike ilona dliso engangifuna ukukhipha lona Wena wakhetha ukulwa wavele wanqaba...kodwa ngoba seliphunile nje uzozwa wena kuzoba nomehluko manje ngisho namaphupho usuzokwazi ukuwacubungula ngoba konke bekuvinjwe ilelidliso ingakho buzithithizela nje,wabe useyavalelisa uSothole waphindela kwakhe.

Kwaba ukungena nje endlini uMantuli washaya uSothole ngolabhabha wempama,wathi kunini ngasho ukuthi ungabo vele unyamalale? .
Akakhulumanga lutho uSothole,wavele waqonda ngaphakathi endlini wadonsa onke amasakana kaMantuli wamemeza zonke izingane egcekeni wathi qoqani konke okungikwenu ningiphumele kulomuzi wami niye kuBaba wenu uyamazi uMama wenu,zakhala izingane zingazi ukuthi kwenzakalani uMantuli wawahlahla onke amehlo wathi uzama ukuphika wavele wathi uSothole ngizovele ngiye eNkosini ngiyolubika loludaba makuthokala ukuthi akusona ezami uzodingizwa kulesigodi...ukhetha ukuzithuthela noma site eNkosini?.

IYAQHUBEKA
NINGAKHOHLWA PHELA UKU LIKE NI COMMENT

15/12/2021

IZIMFIHLO NAMANGA
*
*
Episode 5
*
*
uSothole waze wathuka ngoba sekuhleka uSeipati kancane ethi susa amehlo akho lapho Baba,ngkucele ukuthi uzongbhekela nawu ugesi akusakhanyi angazi kwenzakaleni.
Waqonda khona ngokukhulu ukuphuthuma uSothole wafika waqonda khona nqo enkingeni eyayikhona waqeda wacela indlela esejuluke emanzi nte.
"Wathi uSeipati ngabe sithi qhabu inkomishi yetiye manje uNkakho angaze azokudonsa ngamabhulikwe ekubona ungasaqhamuki"
Wahleka kancane uSothole,"Imina indoda phela kuloya muzi ngeke ngitshelwe uMfazi ukuthi ngenzeni,ngaskhathisini kuphi futhi."
Amchaza lawo mazwi uSepaiti ngoba wavele wadonsa istulo esenikeza uSothole ukuthi alinde inkomishi yetiye kusabila amanzi engamile nokwehla enyuka uSepaiti nethawula lakhe eliyisigqebhe amehlo kaSothole elokhu ethe njo engasuki noSepaiti ezenza umuntu onganakile emoyizela kancane.

Kwadlula imizuzwana nje amanzi,wathi uyothatha iketela uSepaiti waba umuntu ongathi uyaqhuzuka wabambelela kuyena uSothole kwawa ithawula umjuluko wavele wazigelezela nje kuSothole,kwadlula amaHora bavuka emashidini benoSepaiti ehamba esephuthuma uSothole kuze uMkakhe uMantuli angaze asole izinto eziningi.
Wathi eqeda ukuhamba nje,wasala wakhuluma yedwa uSepaiti"Yabona mesngathola elinye futhi ithuba ngokushesha nje noSothole ngingaba naso isiqiniseko sokuthi ngibambile futhi akukho okudlula lokhu kokuthi ngibe nengane naye kuze ngizofinyelela ezimalini zakhe."
uSothole wangena esesaba kwakhe phela wayazi Kahle ukuthi uMantuli isivuthevuthe somfazi,kanti ngalelo langa wayenganankinga wavele wathi"kuyalunga kodwa Baba lokhu kade ukuhambele?"
Wavumela phezulu uSothole"ye... yeb... yebo Makoti kulunge kwazekeqa."
Wahleka kancane uMantuli wathi kulungileke Baba phela thina bantu besifazane asazi lutho ngegesi yabona nje usazokuhlupha kakhulu uMngani wami ngokukucela ukuthi umlungisele ugesi ngicela ungadikibali Baba ikakhulukazi njengoba enganaye umuntu wesilisa nje."
Wahleka kancane uSothole ezwa ukuthi uMkakhe uyamkhulula ngalendlela ebheke kwaSeipati.

"Makoti kusasa ngiyavuka ngiyosayina amaphepha asemsebenzini kuze bezokwazi ukuthi bekhulule izimbali zami nami ngiqhubeke nempilo"kusho uSothole
Wabuzela phezulu uMantuli,"Ngempela baba?"
Yebo kunjalo makoti,sekuphenduka uSothole.
"Kulungile Baba sengathi ungahamba kahle sesiyobona ngawe subuya"
"Kulungileke Makoti,akengiyozibeka nami ngoba inde kakhulu lendlela yakusasa ngenzela ukungazeli eKhumbini kusasa"Kusho yena uSothole kuMkakhe.
uSothole wathi esekhumbini ebheke eGoli eyosayini amaphepha asemsebenzini,kwangena ucingo,mayethi uyabuka inombolo angayazi nhlobo,alubambe athole ukuthi uSepaiti.
"Seipati uyithathephi inombolo yami yocingo ngoba phela angikhunbuli nhlobo nje ngikunikeza?"kubuza uSothole ngomoya okahle nje.
Waphendula uSeipati"Hawu kodwa Mtakwethu emvakwenkonzo emnandi kanje esaba nayo usakhathalele ukuthi ngiyithathephi inombolo yakho?,engabe uzikhathaza ngokuthi siyiphinda nini inkonzo futhi"
Wakhipha iduku wasula uMjuluko uSothole mayezwa ukuthi kumele bayiphinde futhi inkonzo"Ku... Kulungile ngizokwazisa masengibuyile okwamanje ngisathathwe uhambo ngiyosayinela ukuthi kuphume izimbali zami zasemsebenzini,Uma nje zike zaphuma ngizokwenzela into enkulu kabi."
Amoyizele ocingweni uSeipati,"Ngempela Baba?"
"Kunjalo nje Mtakwethu ubani ngempela ongangakujabulela ukuba nawe,phela wena ungenza ngikhohlwe ileli saka elieumantuli lazi ukuthatha nje wayegcinenini nje ukunginika njengoba sengize nginikwa uwena nje,yena ngisho enginikile nje sekuyafana akasangijabulisi sengifuna Wena mina".
"Wabe usevala useyavalelisa uSeipati wavala ucingo"wasuka lapho wahleka kakhulu yedwa endlini wathi angisale sengimdlisa uMantuli avele alahlekelwe yikho konke asale kanje Kade kwasa esichomela ngokuthi yena uMyeni wakhe usebenza Kahle ,ngyamthathake manje.

uSothole wathi mayehla nje elenke yamaKhumbi wahlangana nelinye iKhehla lambamba ngesandla,"kungani udlala uMfazi Wena Kanti windoda enjani awuphalazi ngani lodoti ohamba nawo lapha ngaphakathi?"
Wadideka uSothole ukuthi ukhuluma ngani lomuntu,"Manje Usukhuluma ngani mtimdala ngoba Phala ngithi asazani nje?"
iKhehla alibange lisakhuluma kakhulu lavele lamnikeza impande,lathi afike ayibilise bese eyophalaza ngaphandle komuzi eqinisekise ukuthi uMkakhe akamboni mesenza konke lokho,wayithatha uSothole lemonade wayifaka esikhwameni waseqhubeka nohambo lwakhe.

Wathi mayefika emsebenzini wasayina ngempela amaphepha lawa abeze ngawo,bamtshela ukuthi useyobona ngomlayezo masingenile imali,akapholisanga maseko wabe eyongena ekhumbini ephindela ekhaya yize ilanga lase likhomba ukuyocwila nje kodwa ngenxa yokuthi wayefuna ukugoduka waphoqa ukuphondela ekhaya kwathi kusa wayengena kwakhe.
Mayefika wathulula izinto esikhwameni kwaphuma nalempande,wathi kuMkakhe uMantuli yazi ngisanganelwa eliknye iKhehla eGoli linginikeza lempande lithi ngifike ngiphalaze ngayo kuze kuphume lento elapha ngaphakathi ngiyeke ukudlala uMfazi.

IYAQHUBEKA

Want your business to be the top-listed Shop in Durban?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Category

Telephone

Website

Address

Durban
Other Book Stores in Durban (show all)
Ike's Books and Collectables Ike's Books and Collectables
48a Florida Road
Durban, 4001

Ike's Books and Collectables is a second-hand, out of print and antiquarian bookshop in Durban, South Africa. We stock an eclectic mix of books, from African history and politics, ...

Treasure Trove  Glenwood Books Treasure Trove Glenwood Books
44 Cohen Avenue
Durban, 4001

This is where Second hand pre loved books and Nick Nacks find a new home Based in Glenwood also if you want books sourced for you depending on availablity of time i will find t...

KZN Boeke/Books KZN Boeke/Books
Musgrave
Durban

Welcome to Top Reads - leading book distributor in KZN and E/Cape. Our distribution includes books

Anele Portia Anele Portia
Durban

Davenport  Books at Treasure Trove Davenport Books at Treasure Trove
44 Cohen Avenue
Durban, 4001

Born in JHB Raised in Cape Town Matured in Durban

Love Book Love Book
Durban

Scola Scola
Sxola
Durban, NKOSI

Inkabi Publishing Inkabi Publishing
Durban, 4091

A small family-owned publishing house specializing in crime fiction.

Zibongo zibuzwakuye Zibongo zibuzwakuye
Msinga
Durban, 3250

Akusiyikho ukuthi ingoba useke unolwazi lwazo kodwa ingoba kusuke abizwe ngazo

Boho PreLoved Items Boho PreLoved Items
Durban, 4320

PreLoved Items: Clothes, Books & Home Decor for an affordable price. 🌺

The Modern Hindu Lifestyle The Modern Hindu Lifestyle
Umhlanga Rocks
Durban, 4068

Elevating your everyday with uniquely designed organisational tools. Flagship product is our journal on Hinduism.